Izindaba

KUZOTHULWA INCWADI EBHEKA IZILONDA ZOKUHLUKUNYEZWA KWENTSHA

UNKSZ Thando Mchunu ongumbhali wencwadi ethi ‘Broken Rose: She Was Broken But Never Defeated’.

OWAMI THABETHE

UMBHALI wezincwadi uNksz Thando Mchunu, usebenzisa amandla okubhala ukuveza ubuhlungu obufihlwa yintsha ehlukunyezwayo, ngencwadi yakhe ethi ‘Broken Rose: She Was Broken But Never Defeated’, azoyethula ngokusemthethweni ngoLwesine, mhla ziyi-15 kuMfumfu, e-Auditorium yaseMhlathuze.

Le ncwadi iveza izinselelo ezibhekene nentsha, okubalwa kuzo udlame olubhekiswe ebulilini obuthile (GBV&F), ukuhlukunyezwa kwezingane, ukuxhashazwa kanye nezinkinga zempilo yengqondo.

Indaba ilandela impilo kaCassie, obhekana nobuhlungu bokuphoxeka kubantu abethembayo, kodwa aqhubeke nokulwela ukuthola amandla nethemba lokuphila.

“Ngifuna le ncwadi ibe yizwi lalabo abahlukunyezwayo kodwa abesaba ukukhuluma. Abantu abahlukumezekile badinga ukulalelwa, bakholakale futhi basekwe, hhayi ukusolwa noma ukwahlulelwa,” kusho uThando.

Ukwethulwa kwale ncwadi kuzohambisana nokuqala kohlelo lweThe Broken Rose Movement, oluhlose ukuvula izingxoxo ezikoleni nasemphakathini, ukuze intsha ikwazi ukukhuluma ngokuhlukunyezwa futhi ithole ulwazi ngosizo olutholakalayo.