UNDUNANKULU UZOLETHA IZINSIZA EMAPHOYISENI

UMBIKO: ANELE ZUMA
UKUNCIPHA kobugebengu kuzokuba sezingeni eliphezuku KwaZulu-Natal, kulandela ukuthi uNdunankulu KwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli, wzonikeza amaphoyisa iziteshi ezine ezingomahamba nendlwane kusasa.
Lo mcimbi, ozokwenzelwa eMayville ngehora lesibili ntambama.
Kulindeleke ukuthu uKhomishane waMaphoyisa KwaZulu-Natal uGen Mkhwanazi amukele lezi ziteshi ngokusemthethweni.
UNtuli uthi lezi ziteshi ezingomahamba nendlwane ziyingxenye yezinyathelo zokuletha amaphoyisa eduze komphakathi, ikakhulukazi ezindaweni ezingenazo iziteshi zamaphoyisa, nalapho abantu kufanele bahambe ibanga elide ukuze bathole usizo.
“Lolu hlelo luvele ngemuva kwezingxoxo zomphakathi eziholwa nohulumeni. Kulezi zongxoxo yaba seqhulwinu eyokuntuleka kwezinsiza zamaphoyisa,” kubeka uNdunankulu uNtuli.
