Izindaba

UBUYELA E-AFRIKA UMJAHO WEZIMONTO OMKHULU IFORMULA 1

UPAUL Kagame uncome isivumelwano seVisit Rwanda neFormula 1 sokusingatha umjaho wezimonto iFormula 1 African Grand Prix eRwanda ngo2030.
ISITHOMBE: KT Express

MALIBONGWE MAZIBUKO

IRWANDA izosingatha imijaho yezimoto emikhulu emhlabeni, iFormula 1 African Grand Prix, kulandela ukusayinwa kwesivumelwano seminyaka eyishumi phakathi kweVisit Rwanda neFormula 1. Lokhu kusho ukuthi lo mdlalo uzobuyela ezwenikazi i-Afrika okokuqala kusukela ngonyaka ka-1993, ngesikhathi imijaho ibanjelwe eNingizimu Afrika.

Sekuqalile ukwakhiwa kwesekethi entsha yezimoto eBugesera, eRwanda, ezohambisana nezimiso ze-FIA Grade 1. Lo msebenzi uholwa yiRwanda Development Board, kanti izwe kulindeleke ukuthi liqale ukusingatha le mijaho ekuqaleni konyaka ka-2030.

UMengameli waseRwanda, uPaul Kagame, uthe lesi sivumelwano siyimpumelelo enkulu ezwenikazi i-Afrika, njengoba sekuphele iminyaka engaphezu kwengama-30, lo mqhudelwano ungabanjelwa kuleli zwekazi. Uveze ukuthi lesi sinyathelo sizovulela i-Afrika amathuba amasha emidlalweni yezimoto yamazwe ngamazwe.

Ngakolunye uhlangothi, uMengameli we-FIA, uMohammed Ben Sulayem, uthe bazosebenzisana neRwanda ukuqinisekisa ukuthi isekethe yakhiwa ngokwezinga elidingwa yile nhlangano. IRwanda ibisike yasingatha eminye imicimbi emikhulu yezemidlalo, okubalwa kuyo iBasketball Africa League, iFIFA Congress ngonyaka ka-2023 kanye neminye imiqhudelwano yamazwe ngamazwe.