Izindaba

INKOSI NEZINDUNA BAHLAKAZE IBANDLA ELILINDE UJESU KWAMAPHUMULO

UMFUNDISI Vusumuzi Sibiya uvumile ukuhlakaza ibandla KwaMaphumulo. ISITHOMBE: KZNDSD

NOMCEBO NGEMA

INKOSI yaKwaMaphumulo kanye neziNduna, batshele uMfundisi Vusumuzi Sibiya webandla iKhaya Labafundi BakaJesu elisesigodini sakwaDabangu
ukuthi ahlakaze leli bandla, bangaphinde bezwe ngalo kule ndawo.

Leli bandla lingundaba mlonyeni kulezinsuku, njengoba kuthiwa abazalwane abakhonza kulona sebeshiye konke okomhlaba okungamakhaya, imisebenzi, izikole, imishanguzo, anikela ngempahla namafa, bayeka ukuthenga ukudla ezitolo njengoba belima udedangendlale wamasimu futhi elinye ilunga lalaxaza ithuba lokuyofundela ubudokotela phesheya kwezilwandle, lajoyina leli bandla elithi lilinde ukubuya kukaJesu.

“Uma kukuthi uyaqhubeka nale nkonzo kufanele usibeke esithombeni njengabaholi bendawo, ukuthi inkonzo yakho izoqhubeka kanjani ngoba lendlela oqhubeka ngayo manje ayikho emthethweni baba. Siyakutshela sithi laba bantu bonke bahlakaze ubaxoshe babuyele emakhaya, kodwa uma uthi ngeke ukwazi ukubaxosha sizokwenza uhlelo lokuthi bayokhishwa ngoba sinawo amaphoyisa,” kusho iNkosi Mhlabunzima Maphumulo ngesikhathi ikhuluma neNewzroom Africa.

INduna yendawo itshele uMfundisi uSibiya ukuthi akakwazi ukufika endaweni engaphansi kweNkosi azenzele umathanda.
“Awukho umthetho wokulanda umuntu eMlazi azobeka isonto endaweni ekubeni engaziwa. Umuntu mefika endaweni uyabikwa kwiNkosi, nakwiNduna naseMkhandlwini imbala. Kuleli bandla kunamadoda angaziwa kanye nomama abangaziwa abahleli kulo,” kusho iNduna ebidinwe igane unwabu.

UMfundisi uSibiya uvumile ukulihlakaza leli bandla.
“Inkantolo yeNkosi isinqumile futhi akukho engizokusho, ngiyasemukela isinqumo senkantolo,”kusho uMfundisi uSibiya.