Uncategorised

UKHUZANI UBOPHE IFINDO LOMSHADO NOKA-MATHENJWA

UKHUZANI Mpungose kanye noNdlunkulu uKaMathenjwa-Mpungose bebopha ifindo likasofa silahlane izolo.

NOMCEBO NGEMA

ISILOMO somculi kamaskandi esingaconsi phansi kubalandela baso futhi esizibiza ngeNkosi Yomaskandi sithi uNkosikazi waso akuyena uKaMathenjwa kodwa uNdlunkulu uKaMathenjwa ngoba bobabili bazalwa ebukhosini.
Lawa ngamazwi kaKhuzani Mpungose awasho izolo ngesikhathi ebopha ifindo likasofa silahlane nesiphalaphala saseNgwavuma, eManyiseni uNdlunkulu uKaMathenjwa Mpungose, eThe Zunguness Wedding & Conference Venue, eMgungundlovu.

“Lona akuyena uMfazi kodwa uNkosikazi, uNdlunkulu uKaMathenjwa ngoba ugane ebukhosini bakwaMpungose. Kuhlangane ubukhosi bakwaMpungose nobakwaMathenjwa. Sesineminyaka eyi-10 sithandana, ukuqala kwethu ukuthandana ngangisahamba ngohlobo lwemoto ye-Avanza. Ngesikhathi ngisayishela le ntokazi ngangike ngisuke eGoli ngiyoyishela oNgoye lapho eyayifunda khona, ngithi mase ngifikile ingaphumi iNdlovukazi ngijike ngibuyele eGoli ngiphatheke kabi,” kusho uKhuzani.
Uncome uNdlunkulu wakhe ngokuba nezimfundiso ezinhle athi wazithola ekhaya.