Izindaba

ITHUBA ELINQAYIZIVELE ENTSHENI YASEMAPHEPHETHENI

ABAFUNDI baseMyeka Secondary school bebeyingxenye yomcimbi wokuvulwa kwesikhungo.ISITHOMBE: ETHEKWINI MUNICIPALITY

OWAMI THABETHE

KUVULWE isikhungo esisha esihlose ukuvula amathuba emfundo, amakhono nobuchwepheshe entsheni nasemphakathini wasemakhaya eMaphephetheni, njengoba uMasipala weTheku uqhubeka nemizamo yokusondeza intuthuko kubantu.

I-Human Capital Centre of Excellence ivulwe ngokusemthethweni ngoLwesine, mhla ziyi-15 kuMfumfu, nguSihlalo weKomidi LezokuBusa Nezabasebenzi kuMasipala weTheku, uCllr Nkosenhle Madlala, emele iMeya uCllr Cyril Xaba.Lesi sikhungo siza nethemba elisha emphakathini obhekene nezinselelo zokuntuleka kwemisebenzi nokushoda kwamathuba entuthuko, ikakhulukazi entsheni.

Ekhuluma ngesikhathi kuvulwa lesi sikhungo, uMadlala ugcizelele ukuthi intuthuko yedolobha kumele ifinyelele nakubantu abasemakhaya.

“Ngeke sakhe idolobha elichumayo ngesikhathi imiphakathi efana neyaseMaphephetheni isavalelwe ngaphandle kwamathuba. Lesi sikhungo siwutshalomali lwethu kubantu, ikakhulukazi entsheni enamakhono amakhulu kodwa evame ukuvinjwa yizimo ebhekene nazo, hhayi ukuntula ikhono,” kusho uMadlala.

Lesi sikhungo siyingxenye yohlelo lukaMasipala weTheku lokusungula izikhungo ezingu-32 zeCentres of Excellence, okuhloswe ngazo ukuhlomisa umphakathi ngamakhono ahambisana nezidingo zomnotho wanamuhla.Sinezinsiza zamakhompuyutha zesimanje, i-Wi-Fi yamahhala kanye nezinkundla zobuchwepheshe ezizosiza abantu ukuthi bafunde amakhono edijithali, bathole ukuqeqeshwa, bathuthukise amabhizinisi abo futhi bazilungiselele amathuba omsebenzi.

INkosi uThandizwe Gwala, ebambe iqhaza ekuvulweni kwalesi sikhungo, yamukele lesi sinyathelo, yanxusa umphakathi ukuthi usivikele ukuze siqhubeke nokuletha izinguquko ezinhle ezimpilweni zabantu.

“Lesi sikhungo sivulela abantu bakithi amathuba entuthuko, ikakhulukazi intsha. Siyakunxusa-ke umphakathi ukuthi usivikele futhi usigcine kahle ukuze siqhubeke nokusiza isizukulwane sanamuhla nesizayo,” kusho iNkosi uGwala.Nabafundi baseMyeka Secondary School abebeyingxenye yomcimbi, omunye wabo uHlengiwe Shusha uzwakalise ukujabula ngokuvulwa kwalesi sikhungo, bethi sibasondeza emathubeni abebekade bewadinga.

“Lesi sikhungo sisinika into ekade siyidinga isikhathi eside. Sisondeza amathuba kithi futhi sisikhuthaza ukuba sikholwe ukuthi ikusasa lethu lingahluka, libe ngcono,”kusho uShusha.