UNGQONGQOSHE WAMAPHOYISA USHAYELE IHLOMBE I-IPID

UMBIKO: BUSISIWE ZONDI
UNGQONGQOSHE wamaPhoyisa kuZwelonke uMnuz Senzo Mchunu, usekushayele ihlombe okwenziwe IPID, kulandela ukuboshwa kwamaphoyisa abehlukumeza owesifazane.
Lokhu kuboshwa kwalawa maphoyisa amabili esifazane, kulandela ukusabalala kwe-video, lapho ebebhaxa khona owesifazane esiteshini samaphoyisa.
UNgqongqoshe uMchunu ngemuva kokusabalala kwale video, ucele lolu daba lusukunyelwe yiyo i-IPID, esho nokuthi akekho umuntu ongaphezulu komthetho.
“Amaphoyisa iwona ekufanele avikele abantu, bazizwe bephephile. Iphoyisa akufanele kube yilo elihlukumezayo,” esho.
Kwisitatimende asikhiphe namuhla, uncome IPID ngokwenza umsebenzi omuhle.
” Ngiyasincoma isenzo se-IPID ngokubopha ngokushesha izaphula mthetho. Akekho ovumeleke ukuthi aphule umthetho ngoba nakhu eyiphoyisa. Abantu kumele bazizwe bevikelekile uma bezocela usizo emaphoyiseni. Ngyathemba uphenyo luzokwenziwa ngendlela efanele, kutholakale nomnyombo walokhu kungaziphathi kahle kwalamaphoyisa,” esho.
