Izindaba

KUHLONISHWE IQHAZA LEZINDUNA E-KZN

UBUHOLI baKwaZulu -Natal namakhosi aseNdlunkulu ngoMsombululo eThekwini.IZITHOMBE: KZNOTP

OWAMI THABETHE

UBUHOLI baKwaZulu-Natal buyaqhubeka nokubeka eqhulwini amasiko nezoMdabu, njengoba uNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli, uthe lo mcimbi wokuhlonipha nokwamukela ngokusemthethweni izinduna zamakhosi kusho lukhulu, kanti ubuse-Archie Gumede conference Centre ngoMsombululo, mhla zingama- 19 kuMfumfu eThekwini.

Lo mcimbi awugcinanga ngokuthi kunikezelwe izitifiketi, kodwa kuhlonishwe neqhaza elibanjwe yizinduna ekugcineni amasiko namagugu esizwe, ekuxazululeni izinkinga zemiphakathi nasekuqinisekiseni ukuthi izidingo zabantu ziyanakekelwa. Namakhosi aseNdlunkulu abeyingxenye yalomcimbi wokuhlonipha izinduna ezingaphezu kwe-100.

UNtuli ugcizelele ukubaluleka kokubambisana phakathi kukahulumeni nobuholi bendabuko, ikakhulukazi emiphakathini yasemakhaya, lapho izinduna ziqhubeka nokuba yizwi labantu kanye nebhuloho elixhumanisa umphakathi nohulumeni.

“Ukuqinisa ubuholi bendabuko kusho ukuqinisa imiphakathi yethu. Izinduna zineqhaza elibalulekile ekugcineni amasiko, ekubumbaneni kwabantu nasekuqhubekiseni phambili intuthuko,” kusho uNtuli.

UMfundisi Thulasizwe Buthelezi uncome izinduna ngokuthobeka, wathi uyaqonda ukuthi kunezinduna esezisebenze iminyaka eminingi ngokuthembeka zingalindele nkokhelo.