Izindaba

USHINGA NOHLELO LOKUFUKULA ABESIFAZANE

ABESIFAZANE abebehambele lolu hlelo. IZITHOMBE:KZNDSD

AKHONA DLAMINI

UNGQONGQOSHE wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal, uMbali Shinga, ukhuthaze abesifazane basemakhaya ukuthi bazibandakanye kwezolimo, nasemabhizinisini amancane ukuze bakwazi ukuzimela kwezomnotho.

Lokhu ukusho ngesikhathi kugujwa uSuku Lwamazwe Ngamazwe Lwabesifazane Basemakhaya, obelubanjelwe eVulindlela Community Hall, kuMasipala waseMhlathuze, esifundeni iNkosi uCetshwayo, mhla ziyi-22, kuMfumfu.

Kulolu hlelo uShinga unikeze asebekhulile izinto ezisizayo ekwenzeni imisebenzi yabo yansuku zonke, waphinde wanikeza imindeni edonsa kanzima amaphasela okudla.

“Sifuna abesifazane basemakhaya badlule ekuthembeleni osizweni lukahulumeni, babe neqhaza abalidlalayo emnothweni wakuleli. Uma sihlomisa abesifazane, sihlomisa imindeni siphinde siqinise nemiphakathi,” kusho uShinga.

Uphinde wakhuza isihlava sodlame olubhekiswe kwabesifazane nokubulawa kwabo, ukusetshenziswa kwezidakamizwa kanye nokukhulelwa kwentsha, wanxusa abaholi bendabuko, izinhlangano zezenkolo nemiphakathi ukuba babambisane ekuvikeleni abesifazane nezingane.