USOBHOLENYONI UNIKELELA ABAFUNDI NGEZICATHULO ZESIKOLE

IMEYA kaMasipala i-Inkosi Langalibalele uCllr Mduduzi Myeza, izikhulu zikamasipala nothisha baseZamukuthula Primary School.

UMNIKELO wezicathulo zabafundi obulethwe iMeya uMyeza. IZITHOMBE: INKOSI LANGALIBABA MUNICIPALITY
NOMCEBO NGEMA
INJABULO ibibhalwe emehlweni kubafundi baseZamukuthula Primary School ngaphansi kukaMasipala Inkosi Langalibalele, ngesikhathi bevakashelwe iMeya uCllr Mduduzi “Sobholenyoni” Myeza. IMeya ibivakashele lesi sikole izolo, izonikelela abafundi abaqhamuka emakhaya adonsa kanzima ngezicathulo zesikole, kulandela ukukhala kothisha ngezingane ezifika esikoleni zingazigqokile izicathulo zesikole.
IMeya ithi ibingeke ihlale ithule ekubeni kunemindeni edonsa kanzima yabe isithatha isinyathelo ngokushesha yathengela izingane izicathulo. “Lokhu ngikwenze ngenhloso yokulula isandla ezinganeni eziphuma emakhaya adonsa kanzima ukuze nazo zizizwe zifana nezinye futhi zikwazi ukugxila ezifundweni ngaphandle kokuzingabaza. Ngiyanzela amalunga omphakathi ukuthi asondele emahhovisi kamasipala uma kunezinselelo ezifana nalezi, ukuze basizwe ngokushesha,” kusho iMeya uMyeza.
Uqhube wathi ubuholi bakhe buzibophezele ekuletheni ushintsho oluzwakalayo ezimpilweni zabantu nsuku zonke.
