Uncategorised

UDJ BONGZ UVULELA INTSHA AMATHUBA

UMCULI osemnkantshubomvu endimeni uDJ Bongz osungule i-SA Studio Camp. ISITHOMBE: SITHUNYELWE

AKHONA DLAMINI

UMCULI oneminyaka ebalelwa kwengama-25 esendimeni yomculo, aphinde abe umdidiyeli kanye nosaziwayo kwezamasiko, uDJ Bongz

UDj Bongz uqale umkhankaso wokufukula intsha ngenhloso yokubuyisela emphakathini ngokwethula uhlelo olubizwa nge-SA Studio Camp.
UDj Bongz
ogama lakhe langempela kunguBongani Dlamini, uthi
lolu hlelo luthungatha abaculi, oDJ, omrepha, abadidiyeli bomculo, ababhali bezingoma nabanye abantu abasha abanamakhono. Abazokhethwa kulolu hlelo bazothola ukuqeqeshwa, ukwelulekwa ngochwepheshe nethuba lokusebenzisana nabaculi asebemnkantshubomvu.

“INingizimu Afrika igcwele intsha enamakhono edinga amathuba kuphela, ukuqondiswa nokwesekwa. Ngalolu hlelo sifuna ukuvula izindlela zokuthi abaculi abasafufusa bakwazi ukufunda, bakhule futhi balandele amaphupho abo. Uhlelo luzoqala KwaNdengezi, ludlulele eNewcastle, kwaNongoma nakwezinye izingxenye zezwe ngenhloso yokuthola izinkakha zomculo zakusasa,” kusho uDJ Bongz.

Uthi i-SA Studio Camp ngeke igcine ngokwakha abaculi kuphela, kodwa izovuselela ithemba, ivule amathuba futhi inikeze intsha ithuba lokuba nekusasa eliqhakazile.