Izindaba

INXANXATHELA YEZITOLO EZISEZINGENI ETHEKWINI

INXANXATHELA yezitolo eMlazi kwa V Section.

INXANXATHELA yezitolo eGriffiths Mxenge Informal Traders Hub. IZITHOMBE: AYANDA PHOSWA

AKHONA DLAMINI

KUHANJELWE inxanxathela nezindawo ezahlukene zamabhizinisi ngaphansi kwaMasipala weTheku, ngenhloso yokuveza imisebenzi yokuthuthukisa umnotho nokweseka osomabhizinisi emiphakathini eyahlukene.Lolu hambo lokuvakashela izindawo zamabhizinisi (site visits) beluyingxenye yohlelo lukaMasipala lokuxhumanisa abezindaba nomsebenzi oqhubekayo

Phakathi kwezindawo ezivakashelwe kubalwa inxanxathela yezitolo eGriffiths Mxenge Informal Traders Hub, ekwa-V Section eMlazi nakuMansel Road Market, eku-8 Mansel Road, eStamford Hill, eThekwini, mhla ziyi-30 kuMfumfu.USibusiso Masuku ongu-Area Manager uthe lezi ndawo zidle izigidi zemali kanti ezinye izindawo azikaqedwa ukwakhiwa.

“Le nxanxathela yezitolo ekwa-V Section eMlazi idle R15 M. Le eyakhiwe kuMansel Road Market idle R29 M. Abantu abasakhona okwamanje bangama-44 abenza amabhizinisi ahlukahlukene. Inhloso yokwakha le nxanxathela ukuqoqa abantu bakithi abebedayisa emgwaqeni ukuba bathole ikhaya. Nobeseka ukuze basimame,” kusho uMasuku.