ONGUMBELETHISI NEZINHLELO ZOKUTHUTHUKISA AMABHOKISA

UMBIKO:MABUNHLE MLABA
UNEZINHLELO ezinkulu ngamabhokisa aseCato Ridge umqeqeshi okhombisa ukudlondlobala esibhakeleni, ophinds abe ngumbelethisi edibheflela eThekwini.
UMmeli Mkhize ongsgcini ngokubelethisa abantu kodwa osengumbelethisi wamsphupho wamabhokisa, uthathe amehlo abaningi ngesikhathi enza uNtethelo “Smiling Assassin” Magcaba noMenelisi Ndlovu izingqwele ze-African Boxing Union (ABU) neSADC ngasekupheleni konyaka odlule.
UMagcaba washaya esinenkosi phakathi engqimuza u-Andile Mfeka empini yesisindo se-junior Bantamweight kwathi uNdlovu waxebula u-Arnel Lubisi kweye-bantamweight. UMkhize, opheka ngebhodwe elincane lamabhokisa namanye afufusayo e-MT Boxing Academy esedolobheni eMgungundlovu, usezimele yedwana njengoba ngesikhathi efika ubencike ku-Alex “Nkalakatha” Mchunu, wodumo lokwakha indodana yakhe uThabiso osezingeni lomhlaba. UMkhize uthe ufisa kuphele unyaka oyedwa phakathi kwabo esengumpetha webhande elisha. Ubonge uphromotha uNomvelo Magcaba-Shezi weMvelo Promotions ngokumeseka ngokuhlelela amabhokisa akhe izimpi.
“Nginezinhlelo ezinkulu ngalaba Bafana ngoba banethalente eliyisimanga futhi bayazimisela ejimini. Njengamanje uNtethe ukleliswe endaweni yesithathu kuma-ratings bese kuthi uMenelisi abekwe endaweni yesithupha kwabagaqele isicoco sikazwelonke. Ngaphezu kwalokho baku Top 10 ngaphansi kwe-ABU All Africa,” kusho uMkhize.
Leli phephandaba lithole ukuthi kungenzeka uMagcaba athole ithuba lokulwela isicoco saseNingizimu Afrika junior Bantamweight ngaphambi kokuphela unyaka. Njengamanje leli bhande liphethwe uLwandi Mgambi wase-Eastern Cape ozolivikela kuSechaba Zuma empini ehlelwa iHle Jobe Promotions e-Estcourt ngoMgqibelo ozayo
