Izindaba

ISILO SIKHATHAZEKILE NGE-GBV ESIZWENI SASO

ISILO uMisuzulu kaZwelithini ngesikhathi kuqhubeka uMkhosi woMhlanga esigodlweni eMashobeni oPhongolo
ISITHOMBE: KZNDSAC

OWAMI THABETHE

ISILO samabandla uMisuzulu kaZwelithini, sizwakalise ukukhathazeka okukhulu ngesimo sodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane esifundazweni iKwaZulu-Natal.

ISilo sibhonge eMkhosini woMhlanga obusoPhongolo, esigodlweni eMashobeni ngoMgqibelo mhla ziyi-12 kuMandulo, lapho sigcizelele khona ukuthi sekuyisikhathi sokuthi isizwe samaZulu nabaholi bonke bahlangane ukulwa nalesi sihlava.

Ngokusho kweMbube, ithe abantu mabagweme utshwala obuholela ekutheni benze izinto ezingalungile.
“Ohlulwa utshwala makabuyeke. Akufanele engabe thina sizwe samaZulu sihamba phambili kule nto ye-GBV, ngoba saziwa ngenhlonipho nokwazisa abanye abantu. Akufuneki lokhu asikuyeke,” kubhonga iNgonyama.

IMbube inxuse amadoda esizwe samaZulu ukuthi abuyele ezimisweni zobuZulu, ahloniphe abesifazane njengoba kuyisiko lamaZulu. Siphinde sagcizelela ukuthi indoda eqotho ayimshayi owesifazane.

Le nkulumo yeNgonyama iza ngesikhathi lapho izibalo zakamuva zamaphoyisa ziveze ukuthi abesifazane abayi-1820 badlwengulwe eKZN phakathi kukaNdasa noNhlangulana nonyaka.