Izindaba

UMKHWANAZI UTHI AMAPHOYISA AWANGACHEMI NEZEPOLITIKI

AMAPHOYISA abehlanganyele eHoy Park. IZITHOMBE: FACEBOOK

AKHONA DLAMINI

UKHOMISHANA wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLt-Gen Nhlanhla Mkhwanazi, usekhumbuze amaphoyisa ukuthi awawona ama-comrades noma izithunywa zamaqembu ezepolitiki, kodwa angabasebenzi bomthetho okufanele baphathe wonke amaqembu ngokulinganayo.

Lokhu ukusho eHoy Park, eThekwini, ngesikhathi ehola umcimbi wokuthumela amaphoyisa namanye amaphiko ezomthetho azogada ukhetho lohulumeni basekhaya lwangomhlaka-4 kuLwezi 2026.

UMkhwanazi uthe umsebenzi wamaphoyisa ukuqinisekisa ukuthi amalungelo abantu okuvota awaphazamiseki, nokuthi wonke umuntu uyakwazi ukusebenzisa ilungelo lakhe lentando yeningi ngokukhululeka nangokuphepha.“Izinkulungwane zamalungu e-SAPS, iSANDF neRoad Traffic Inspectorate (RTI) zithunyelwe kuzo zonke izifunda eziyi-11 zaKwaZulu-Natal, ngenhloso yokuqinisekisa ukuthula nokuphepha ngaphambi, ngesikhathi nangemuva kokhetho,” kubeka UMkhwanazi.

Uphinde wanikeza amalungu alezi zikhungo imiyalelo eqinile, wagcizelela ukuthi kumele kuthathwe izinyathelo kunoma ngubani ozama ukuphazamisa ukuvota.

“Amaphoyisa kumele aqinisekise ukuthi akukho qembu lezepolitiki elithola impatho ekhethekile, kodwa wonke amaqembu aphathwe ngokulinganayo nangokulandela umthetho. Ukuphepha kwabavotayo kumele kubekwe eqhulwini,” esho.