
ITHEKU NOHLELO LOKUNCIPHISA UKULAHLEKA KWAMANZI
OWAMI THABETHE
UMASIPALA weTheku usubeke izigidi zamarandi, ukuzama ukunciphisa ukulahleka kwamanzi, ngenxa yamapayipi avuzayo naqhumayo.
Lokhu kuvezwe iMeya uCllr Cyril Xaba, ngesikhathi ebize isithangami sabezindaba, ngeSonto mhla zingama- 4 kuMfumfu eThekwini, ngenhloso yokuchaza ngohlelo oluzoqikelela ukuthi izakhamuzi zithola amanzi ahlanzekile anele.
“Kubekwe imali elinganiselwa ku-R565 million, ezosetshenziselwa ukulungisa ukuvuza okukhulu, ingxenye yemali eyi-R102 million ibekelwe ukuthola nokuqapha ukuvuza kwamanzi, kanti uR100 million uzosetshenziselwa ukushintsha amapayipi amadala,” kubeka iMeya uCllr uXaba.
Uthe kunemali eyiR124 million yokuqasha abasebenzi abazolungisa amapayipi, ngenhloso yokuthi ukuvuza kulungiswe ngokushesha, amapayipi aqhumile avalwe kungakapheli amahora amane.
UXaba uveze ukuthi lezi zinyathelo ziyingxenye yeWater and Sanitation Turnaround Strategy, ehlose ukwehlisa ukulahleka kwamanzi ngo-5% minyaka yonke, kuze kufinyelelwe ku-25% noma ngaphansi.
“Okubalulekile ngaleli qhinga ukuzibophezela kwethu ekwehliseni ukulahleka kwamanzi ngo-5% minyaka yonke, ngenhloso yokuthi ekugcineni sifinyelele ezingeni lika-25% noma ngaphansi,” kusho uXaba.
Uthe ukuze kufezeke konke lokhu, uMasipala uzoqhubeka nokushintsha amapayipi amadala, uphendule ngokushesha ezikhalweni zokuvuza, ushintshe namamitha amadala ezindlini nasemabhizinisini, kufakwe amamitha amakhulu ezindaweni ezibalulekile zokugcina amanzi.
