
KUXWAYISWA NGESOMISO U-EL NINO

KUKHUTHAZWA umphakathi ukuthi ulungiselele isomiso. ISITHOMBE: EThekwini Municipality
AKHONA DLAMINI
UMASIPALA weTheku sewunxuse umphakathi ukuthi uzilungiselele ukubhekana nesomiso, njengoba kulindeleke ukushisa okuhambisana no-El Niño kuleli hlobo.
U-El Niño yisimo sezulu esihambisana nokwanda kwamazinga okushisa, esingafika nomthelela wokwehla kwemvula kwezinye izindawo.Lokhu kungadala ukushoda kwamanzi nesomiso, uma imvula ingani ngokwanele. Umphakathi uyelulekwa ukuthi wonge amanzi futhi uzilungiselela uma kufika isomiso. Kukhuthazwa ukubeka amanzi ezitsheni ukuze asetshenziswe ngesikhathi sobunzima, nokugwema ukusebenzisa amanzi budedengu.
Abantu bayakhuthazwa futhi ukuthi bagweme ukushisa utshani, udoti nezinye izinto ezingavutha, njengoba izimo ezishisayo nesomile singandisa ubungozi bemililo. Iziphathimandla ziphinde zeluleke umphakathi ukuthi uhlale ubheka futhi ulandele izexwayiso zesimo sezulu, ikakhulukazi uma kubikezelwa ukushisa okukhulu noma izimo ezihlobene nesomiso.
