UHLONISHWE PHESHEYA NGEZINDONDO OWEZINKULUMO EZAKHAYO

NKULULEKO Khanyi ohlonishwe phesheya kwezilwandle
SIYABONGA PHAKADE
UHLONISHWE phesheya kwezilwandle Nkululeko Khanyi ngezindondo, okubalwa eye-International Speaker eye-life Inspiration in the World neBest Organasation Ungazibulali Awareness Campaign in the Country.
UNkululeko Khanyi ongowasoPhongolo uzakhele igama emkhakheni wezindaba nokuba ngusomabhizinisi, uhlonishwe kulandela ukuba ngumethuli ezinhlelweni ezilwisana nengcindezi nekhwantalala.
Lezi indondo uhlonishwe ngazo eSpain e-Europe, behlonishwa inhlangano iClevenard organization.
Uthi uqale ezisebenza, wasungulwa inkampani engenzi nzuzo ebizwa ngokuthi iNkululekokhanyi foundation, esixhase abantu abaninigi abahlwempu iminyaka eyi-12, neyenza umkhankaso, othi ‘ungazibulali awareness camps’, olwisana nengcindezi nokuzibulala esidume izwe konke
“ Ngiyabonga kubahleli balo mcimbi namuhla ola eSpain abanginikeza lezi zindondo ezinkulu kangaka ngisaphila ukuthi sengiyisikhulumi somhlaba wonke. Ngemuva kwemihuzuku emingaka engendlule kuyo ngizohlonishwa ngalendlela ngisaphila ezizweni phesheya kwezilwandle ungena ngithobe,” esho.
Uthi Isifiso sakhe ukuthi abantu basebenze uma besaphila ukushintsha izimpilo zabo.
Abahleli bomcimbi bathi bathokozile kakhulu ngoNkululeko Khanyi, ngenxa yendima ayiklamsyo ukushintsha inhlalo yomphakathi.
“ UKhanyi silibonile igalelo lakhe siphesheya, ufanelwe ukuhlonishwa anikezwe uphaphe lwegwalagwala ngemisebenzi yakhe. Imisebenzi yakhe ibonakele emhlabeni wonke, umsebenzi awenzayo uhlula ngisho ohulumeni noMengameli wokulwisana nalobhubhana lwe-depression nokuzibulala siyabonga siyiClevenard Organization amagalelo akhe sizomeseka, “ besho
