Uncategorised

UMCHUNU WESEKA OWESIFAZANE OGWAZWE YISOKA E-RICHMOND

UMBIKO: ANDISWA MCHUNU

UNGQONGQOSHE wamaPhoyisa kuZwelonke uMnuz Senzo Mchunu, usenxuse abesifazane ukuthi bengafeli ngaphakathi kodwa bekhulume uma behlukumezwa.
UNgqongqoshe uMchunu ukusho lokhu ngesikhathi ehambele enkantolo yaseRichmond, ukuyokuma nowesifazane ohlukunyezwe obeyisoka lakhe.
Umphakathi obuphume ngobuningi bawo ukweseka uNksz Bongiwe Nxele waseShayamoya eRichmond, ogwazwe obeyisoka lakhe uZenzele Xaba (36) ngeskudrayiva kwaphazamiseka ukubona.
Lo mndeni ubuhamba noNgqongqoshe uMchunu ukuyolalela icala, kanti umphakathi ububhikisha ngaphandle, ufuna umsolwa angayitholi ibheyili.
“UBongeka Nxele wahlaselwa uXaba esekhaya lakhe, uXaba wafuna ukuhamba naye ngenkani, emuva kokunqaba kwakhe wamushaya, waphinde washaya uninakhulu kaBongeka, waqeda wamugwaza nge screw driver emehleweni amahlandla amaningi nokuyimanje usesibhedlela,” ngokusho kwamaphoyisa.
UNgqongqoshe uMchunu ugxeke kakhulu isenzo sikaZenzele ukuthi sigcwele ubulwane.
“Into eyenziwe umsolwa kulo wesifazane ihlasimulisa umzimba. UNksz Nxele ngeke esaphinde akwazi ukubona kahle, njengoba iso lakhe elilodwa lingeke liphinde libone.

Ube esenxuse imiphakathi ukuthi ingaphezi ekulweni nesihlava sodlame olubhekiswe kubantu besifazane.