Uncategorised

OWESIFAZANE USOLA UDLAMINI WAMAWELE NGOKUBA NONYA

YISO lesi isithombe esisabalele ku-Facebook esibhalwe owesifazane. Isithombe: Facebook.

NOMCEBO NGEMA

SEKUVELE owesifazane osola uMnuz Khaya Dlamini ongubaba wamawele osematheni kulezinsuku njengoba efuna ubulungiswa ngokulimala kwezingane zakhe, ngokuba nenhliziyo embi nonya, kulandela ukusabalala kombhalo ezinkundleni zokuxhumana zalo wesifazane, othi uMnuz Dlamini wamxoshisa emsebenzini.
Lo wesifazane ubhale kanje kwikhasi labesifazane iLadies House wathi, “Kuthiwa izono zabazali ziwela zowela enganeni. Kubuhlungu emaweleni akwaDlamini kodwa izono zayise, owangixoshisa emsebenzini nginengane encane. Sahlupheka nengane yami yena esebenza. Sibaningi kabi esakhala sikhaliswa ilobhuti, mhlampe kusuka manje usezokwazi ukuhlonipha umhlaba,” kusho lo wesifazane elifihliwe igama lakhe.
Eziphendulela uMnuz Dlamini ngalolu daba ubhale kanje,:
“Sanibona, sengithule isikhathi eside ngiwubona lo mbhalo, sekumele ngiphendule. Usis lona obhala lento sasisebenza naye ngiwu-Shift Supervisor, yena engunogada egada ama-camera. Ngobunye ubusuku, wayesebenza nowesilisa ayethandana naye emsebenzini, bagcina ngokuthi benze inkonzo yasekameleni khona lapho ehhovisi, ngaleso sikhathi kwaba nesehlakalo sokugqekeza bangabona futhi bangabika,” kusho uMnuz Dlamini.
Uqhube wathi kwase kubhekwa amakhamera ukuthi bebenzani ngesikhathi kugqekezwa, okwavela ukuthi babematasa bezitika ngenkonzo yezithandani ekubeni besemsebenzini, uthi wamphelela kanjalo ke umsebenzi.
Udalule nokuthi kwacishe kwangena yena enkingeni ezama ukumvikela, abaphathi befuna ukubona kwenzakaleni, ngoba isitolo esikhulu lesi esagqekezwa, usisi wayesaba ngisho ukuya kwa-CCMA ngoba wayesehlazweni.
“Kodwa ke ngiyamxolela ngalento ayishoyo. Ngyabonga,” kuphetha uDlamini.

UMNUZ Khaya Dlamini osolwa owesifazane ngokumxoshisa emsebenzini.