Uncategorised

UNABI UBHINJELWE IZINTO WATHATHANE NENTATHELI

UMBIKO: MABUNHLE MLABA

UMQEQESHI
weKaizer Chiefs uNasreddine Nabi obhinjelwa izinto uthathane nentatheli kwabancane indawo, ngemuva kokuhlulwa i-Orlando Pirates emdlalweni weBetway Premiership e-FNB Stadium eGoli ngoMgqibelo.
iChiefs, evule kuqala inkundla ngegoli likaLilop waseDR Congo kusuka umdlalo, oguqe ngamagoli ka-Evidence Makgopa nenkosi yama 2K uRelebogile Mofokeng. Ngemuva komdlalo esephekwa ngemibuzo enye yezintatheli ngokuthi ingabe ezibona kumfanele yini ukuqeqesha iChiefs, uvele wabhavumula.
“Bengingaqondile ukuthi ngizihluphe ngokuphendula lo mbuzo kodwa namhlanje ngizokuphendula. Angikholwa ukuthi wena kufanele ungijaje ngoba wonke umuntu uyalwazi uhambo esibhekene nalo neqembu. Akumele nakancane sixhamazele silindela imiphumela emihle ngokuphazima kweso,” esho. Eqhuba lo mqeqeshi waseTunisia uthe akayekwe ukujajwa.
“Wena njengentatheli emnkantshubomvu wazi kamhlophe ngomlando wale kilabhu njengokuthi kumele uhlale iwina izicoco idlake kwiChampions League. Mina ekungilethe lapha ukulungisa izinto futhi uzokhumbula ukuthi ngakusho lokhu ngesikhathi ngikhuluma okokuqala nabezindaba baseNingizimu Afrika. Angifuni ungitshele ukuthi mina akungifanele ukuhlala kwiChiefs. Angilona ivukana lomqeqeshi mina. Ngigabe ngamava. Ngicela ungalinge ungichukuluze.”