Uncategorised

I-AFROTAINMENT IGUBHE USUKU LWEZITHANDANI NGENDLELA EHLUKILE

UMBALI Ngidi, uDj Tira nabaculi base-Afrotainment besesibhedlela Osizweni. ISITHOMBE: SITHUNYELWE

NOMCEBO NGEMA

BAGUBHE usuku lwezithandani ngendlela engajwayelekile uMbali Ngidi nomphathi wakhe uDj Tira , njengoba bebevakashele isibhedlela Osindisweni Hospital esisendaweni lapho azalelwa khona eNdwedwe.

UMbali ongumculi aphinde abe ngumdansi wasesteji wazalelwa eNdwedwe, endaweni yaseMadwaleni ubonge odokotela, abahlengikazi kanye nabasebenzi bonke ngezipho ngomsebenzi omuhle abawenzayo, ukuzinikela nokunakekela umphakathi.

“Ngibenzele lokhu ngoba ngifuna ukubabonga ngomsebenzi omuhle abawenzayo njengoba nami ngiyindodakazi yomhlengikazi ongasekho emhlabeni. Umama usebenze esibhedlela iminyaka engama-32, wadlula emhlabeni ngonyaka ka-2023. Ngikhule ngimbuka umama enikela ngempilo yakhe enakekela abanye. Abahlengikazi nabasebenzi bezempilo bawumgogodla womphakathi wethu, lokhu engikwenzayo ukubavakashela kuyindlela yokuthi ngiyabonga kubona. Usuku lwe-Valentine’s lumayelani nothando, uthando kimi lusho ukuzinikela nokwenza okuhle kwabanye abantu,” kusho uMbali.