USHINGA NOSOMATEKISI KWETHULA EYOKUVIKELWA KWEZINGANE

UMBIKO: ZETHU PHOSWA
IZOKUBA seqhulwini eyokubambisa kosomatekisi noMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi, ngenhloso yokuqinisekisa ukuvikeleka kwezingane, njengoba kuzokwethulwa inyanga yokuvikelwa kwezingane.
Lokhu kwethulwa kuzokwenziwa namuhla enkundleni yezemidlalo eHarry Gwala eMgungundlovu.
UNgqongqoshe uNksz Mbali Shinga uthi inhloso yokusebenzisana nabamatekisi abathutha izingane zesikole ngaphansi kweSANTACO KZN Scholar, ukuqinisekisa ukuthi baqinisa ukuphepha nokuvikeleka kwezingane.
“ Sifuna ukwenza isiqiniseko sokuthi izingane ziphephile ngesikhathi ziya noma zibuya ezikoleni. Lokhu sikwenze ngokuzibophezela ngokunakekela izingane ngokubambisana nabashayeli bezimoto ezithutha abafundi,” kusho uNgqongqoshe uShinga.
Uveze ukuthi basembidlangweni wokulwa nodlame olubhekiswe ezinganeni nokuthi abahlukumeza izingane babhekane nomthetho
