Uncategorised

ITHEKU LIFUNA UKUBA ISIBONELO ESIHLE KOMASIPALA BAKULELI

UMNUZ Thabani Molefe echaza izinhlelo uMasipala weTheku onazo ngabantu abakhubazekile. ISITHOMBE: ETHEKWINI MUNICIPALITY

NOMCEBO NGEMA

UMASIPALA weTheku uthi ufuna ukuba yisibonelo esihle koMasipala baseNingizimu Afrika, ngokwandisa isibalo sokuqashwa abantu abakhubazekile, wenze isiqiniseko sokuthi bayazithola zonke izinsiza kusebenza ezibafanele. UMnuz Thabani Molefe onguMeluleki kwa-Employment Equity ngaphansi kukaMasipala weTheku, ukusho lokhu, ngesikhathi kuneCommunity Media Forum, enkundleni yezemidlalo, eMoses Mabhida, ngoLwesihlanu.

Inhloso yalo mcimbi ukwethulela isithangami sabezindaba ngezinhlelo, namaprojekthi abe impumelelo njalo ngenyanga. UMnuz Molefe uthe udaba lwabantu abakhubazekile lubaluleke kakhulu, yingakho njalo ngenyanga bebheka ukuthi kukhona yini abaqashiwe. “Okwamanje izibalo zikhomba ukuthi bangama-216 abantu abakhubazekile abaqashiwe okuyisibalo esihle kakhulu uma siqhathaniswa neseminyaka edlule. Sinezinhlelo zokusiza abantu abakhubazekile ukuze bafake izicelo emisebenzi. Siyaqinisekisa ukuthi bathole izinsiza kusebenza ezibafanele, ukuze bakwazi ukwenza umsebenzi wabo ngempumelelo. ITheku liyaqhubeka nomkhankaso walo wokuhlonza abantu abakhubazekile ngaphakathi kuloMkhandlu, kodwa abangakuvezanga ukuthi bakhubazekile ngesikhathi befaka izicelo omsebenzi, ” esho.

Uthe abantu abanye abakhubazekile abajufezi ukuthi abakhubazekile uma befaka izicelo zonsebenzi, ngenxa yezizathu zokuchithwa nokuhlukumezeka. Uqhube wathi iTheku liyaqhubeka nokwenza ucwaningo lwezobuchwepheshe kuwona wonke amabhilidi alo, ukuze bakwazi ukuheha abanye abantu abakhubazekile abanesifiso sokusebenza kulo masipala. Uthe banehhovisi abalivula eShell House, e-4th floor, ukuze abantu abakhubazekile basizakale kulona okubalwa ukusizwa bafake izicelo zemisebenzi, ukuthola ulwazi ngendlela okusetshenzwa ngayo kulomasipala.

“Abantu abakhubazekile abafuna ukuthola ulwazi oluthile mayelana noMasipala weTheku, abadinga usizo lokwenziswa amaCV, leli hhovisi livulwa njalo ngoLwezithathu kusukela ngehora lesi-9:00 ekuseni kuya kwihora le-12:00 emini bebade. ITheku lizimisele ukuthi libe isibonelo esihle kubona bonke omasipala baseNingizimu Afrika,” kuphetha uMnuz Molefe.