Izindaba

UMYENI KA-JACINTA UFUNA KUBEKWE EQHULWINI ABAKULELI

INHLANGANO iSA First Form kanye neMarch and March Movement zithi akuqalwe ngezakhamuzi zakuleli ezingenabo omazisi. IZITHOMBE: FACEBOOK

AKHONA DLAMINI

INHLANGANO iSA First Forum kanye neMarch and March Movement, bafuna uMnyango wezaseKhaya umise ukuqala kohlelo lokubhaliswa kwezicelo zokukhoseliswa kwabantu bokufika nge-inthanethi, kepha bagxile kwizakhamizini zaseNingizimu Afrika ezingenabo omazisi.

Lezi zinhlangano ezimelwe abameli bakwaZuma and Partners, zithe encwadini ethunyelwe kuNgqongqoshe wezaseKhaya mhla ziyi-14 kuMfumfu 2026, kubalulekile ukuthi umnyango ubeke eqhulwini izakhamizi zaseNingizimu Afrika ezibalelwa ezigidini ezingu-4.4 ezingenabo omazisi.

“Asikakutholi ukuphawula okuvela kumnyango kulandela incwadi eyathunyelwa mhla ziyisi-6 kuMfumfu 2026 mayelana nokusheshiswa kokutholwa komazisi yilezi zakhamuzi. Sifuna umnyango uchaze izindlela nezinqubomgomo ezisetshenziswayo ekubhaliseni abantu bokufika abafuna ukukhoseliswa, izinhlelo zakhona nezikhathi ezibekiwe zokuxazulula inkinga yezakhamuzi ezingenabo omazisi,” kusho incwadi ethunyeliwe.

Lezi zinhlangano ziphinde zafuna impendulo ebhaliwe. Zixwayise ngokuthi uma zingayitholi impendulo ngoMgqibelo, mhla ziyi-17 kuMfumfu, zizothathela uMnyango izinyathelo zomthetho kungakadluli umhla zingama-21 kuMfumfu 2026.