Uncategorised

OWE-NKABI RECORDS NOKUVULA ISITOLO SEZINGUBO

UMBIKO: MABUNHLE MLABA


SEZIHUBELA sakusha ngesitolo sezingubo zokugqoka esizovulwa uBig Zulu weNkabi Records.
Lezi izindaba zempahla zokugqoka zikaBig Zulu, bekulokhu kukhulunywa kude, njengoba agcina ukukhulima ngayo kwiPodcast kaMac G ngonyaka odlulLo.
“Izinhlelo zokusivula isitolo ngenyanga kaMandulo kilo nyaka. Kungithokozise kakhulu ukuthi isitolo ngizosethula ngokusemthethweni ngenyanga yamasiko. Ngiqhamuka noshuni ohambayo wezingubo ukuze ngivule lesi sitolo ngenothi eliphezulu, “ kusho uBig Zulu.
Lo mculi waseBergville nogama lakhe langempela uSiyabonga Nene usekhiqize inqwaba yabaculi ngaphansi kwesitebela sake, kanti sebewole inqwaba yezindodo. Ubuye acule ngokuhlanganyela nomkhaya wakhe uSjava njengoba beneqembu elithandwa kakhulu Inkabi Zezwe.