Uncategorised

ISILO SITHI ABANTU ABAPHUME EZINDABENI ZASO

INDLULAMITHI noNdlunkulu UNOMZAMO uMaMyeni ngosuku lwabo lomgcagco. ISITHOMBE : INDLUNKULU KAZULU

NOMCEBO NGEMA

ISILO uMisuzulu kaZwelithini ucela abantu abaphume ezindabeni zakhe noNdlunkulu uMaMyeni, kulandela ukugxeka kwabantu ezinkundleni zokuxhumana ukuthi ugcagcelwe undlunkulu onezingane zakwesinye isibongo.

INdlulamithi ithi abantu abaphume ezindabeni zayo ngoba yena uyamthanda uNdlunkulu uMaMyeni. “Abantu balokhu bekhuluma bembeka amabala bethi uMaMyeni unezingane zakomunye umuzi. Umuntu uma umthandile usuke umthandile. Mina ngizolandela eyami inhliziyo. Uma mhlampe oMdolomba banginikeze iphasela engingalazi ukuthi linjani, uma libheda ngizozilungisela mina kahle,” kusho iNdlulamithi.
ISilo sikhulume kanje izolo ngesikhathi sigcagcelwa uNdlunkulu uNomzamo Myeni.