Izindaba

UMASIPALA WETHEKU UKHALA NGEZAKHAMUZI EZIBUYISELA EMUVA INTUTHUKO

OWAMI THABETHE

UMASIPALA weTheku ukhala ngokubulawa nokuntshontshwa kwenqalasizinda yamanzi, okuholela ekuncipheni kokuhlinzekwa kwamanzi emiphakathini yakuleli dolobha.
Lokhu kuvezwe
uMnuz Jabulani Mayise, ngesikhathi nabezindaba kuCommunity Media Forum, eMoses Mabhida Stadium ngolwesihlanu mhlaka 27 kuNcwaba 2026.
Uthe kuyabakhathaza kakhulu ukucekelelwa phansi kwengqalasizinda, ezisiza ukuphakela amanzi emiphakathini.
“Lokhu kudala ukungabibikho kwamanzi azonikwa umphakathi uma sekunamapayipi avuzayo. Indawo efana nase-INK (INanda, Ntuzuma, KwaMashu) ihamba phambili ngokuntshontsha nokubulawa kwezinsiza zokuphakela amanzi,” esho.
Ubaluleke ukuthi ukufudukela kwabantu, befudukela kuleli dolobha, nakho kunomthelela omkhulu, ekuncipheni kwamanzi bahlinzekwa umphakathi, ngenxa yesibalo ezisuke esiphezulu sabantu abadinga amanzi.
” Ukuxhunywa kwamanzi ngokungemthetho, kuyimbangela yokuncipha kwamanzi. Lokho kuphazamiseka umthamo wamanzi, njengoba uMasipala usuke ungazi ngalezi zakhamuzi ezintsha, ukuze ukhulise umthamo wamanzi kulezi zindawo,” kubeka uMayise.