Uncategorised

UBUYA NGEGIYA ELIPHEZULU OWE AMATSHIWELELE

UMNU Lindani Gumede (Papa G ) Kanye noZamambo Mkhize esithangamini sabezindaba eThekwini.

SANDILE MAKHOBA

UBUYA mawala umcimbi ohanjelwa kakhulu amatshitshi eThekwini, owaziwa ngokuthi Amatshiwelele Festival.
Lo mcimbi owaqala ngegiya eliphezulu ngonyaka owedlule, njengoba amathikithi athengwa wonke, kulo nyaka umhleli wawo uPapa G uthi okwabonakala ngonyaka owedlule kuzophindeka kabili kulokhu.
“Kuyimanje amathikithi asethengiwe angaphezulu Kwazi-3000, isifiso sami bekungukuthi siye endaweni engaphezulu kwe-Curies Fountain njengoba incane. Nangonyaka owedlule kwakuyisifiso sami kodwa ithimba engisebenza nalo babona sengathi nginamawala, “ kusho uPapa G.
Uphinde waveza nokuthi imithetho izobe ifana neyangonyaka owedlule. Ube esememezela uhlu lwabaculi abazonandisa , okubalwa uMafikizolo, uMthandeni SK, uKhuzani Mpungose, uDJ Bhunu, iBig Nuz, uJumbo nabanye abaningi. UPapa G uthe uyaxolisa asikho isikhala samavukane kulo mcimbi kodwa kuzonandisa abanohlonze kuphela. UZamambo Mkhize ongubuso balo mcimbi, ucele wonke umuntu ahlobe ngezimhlophe ngisho abayobe besebenza .
Lo mcimbi izoba ziyisi-7 March 2026, kanti kuzoqala iCamp kazwelonke, bese kuba indumezulu.