Uncategorised

INKOSI YAMA-2000 IKHONJWA KWAWAPHESHEYA

UMBIKO: NOBUHLE XIMBA

SESIMATANISWA namaqembu amakhulu e-Europe isilomo seBafana Bafana ne-Orlando Pirates uRelebohile Mofokeng osefomini enhle kulezi zinsuku.
Sekuputshuke imibiko ethi izinkunzi zaseSpain iFC Barcelona neRangers FC yaseScotland bachazekile indlela uMofokeng adlala ngayo. Elinye iqembu ekuvela ukuthi lifuna ukumbiza lizomhlola eduze yi-RB Sazlburg eku-Austrian Bundesliga nedlala njalo ku-Uefa Champions League.
Ukhonjwa phesheya nje, uke wamenywa iqembu elidlala ku-English Premier League i Wolverhampton Wanderers ngesizini edlule kodwa wajikiswa. IWolves yayimbone egila izimanga eqenjini eliyinkulisa yePirates. Kuthiwa eBarcelona ufunwa iqembu elibizwa nge-B Team lapho ezobe ehlolwa njalo iqembu elikhulu.
Kubonakala zimvumile izinto lo mdlali waseSebokeng eGoli njengoba ehlabane ngezindondo ezinkulu kwisizini yakhe yokuqala. Uke wakhala wemuka neyePremiership Young Player of the Season neyeNedbank Cup Most Promising Player of the Tournament. Emidlalweni engu-17 uMofokeng usekwaze ukudlala imidlalo eyi-17, washaya amagoli amane kanti usekhande ayisikhombisa. Ube ngomunye wabadlali ababambe elikhulu iqhaza iPirates ivikela isicoco seMTN8. Uphinde wabonakala kwiBafana Bafana engene igijima kwi-2025 Africa Cup of Nations ezodlalwa eMorocco.