KUBHEKWE EKA-TRUMPH NEYAMASOSHA ENKULUMWENI KAMENGAMELI

UMBIKO: ZETHU PHOSWA
ABAHLALI baseMzansi bayibheke ngabomvu inkulumo kaMengameli, ukuthi athinte indaba eMelika nokusabisa ngokuhoxisa uxhasa banqamule iNingizimu Afrika, ukuthola imishanguzo yokuthithibalisa igciwane lesandulela ngculaza nengculaza.
Lolu daba lubonakala luthinta abantu abaningi abahlinzekwa ngale mishanguzo futhi bangenwa nangamanzi emadolweni ukusabela izimpilo zabo.
UNosiphiwo Nxumalo wakwaMancinza Lindelani eThekwini, uthi bangajabula kakhulu uma uMengameli uCyril Ramaphosa engathinta udaba lukaMengameli waseMelika.
“Sengidle imishanguzo iminyala elunganiselwa eminyakeni eyi-30. Lokhu kuhoxa kweMelika ngokusixhasa kuzosibeka ethuneni uma uMengameli engalusukumeli phezulu loludaba. Lokho kungachaza ukuthi isazophinda ibukise ngathi emphakathini ingculazi. Weeeh, okwakobani nje ukuba yihlaya emphakathini nezimpephelezi zezinwele, sigule size sihluleke nokuphebeza impukane, “kusho uNksz Nxumalo.
UNkk Ziyaphi Khuboni waKwaMakhutha uthi ufisa uMengameli akhulume ngendaba yekusasa lebhange Ithala.
“Thina njengogogo abasebenzisa Ithala ukuthola isibonelelo sikahumeni, sifile kakhulu. Leli bhange besilijwayele futhi likwazi ukuxhasa osomabhizinisi abancane basemakhaya. Siyafisa ukwazi ngekusasa laleli bhange ,” kuchaza uNkk Khuboni.
UNksz Zinhle Sithole uthi yena angajabula ukuzwa ngamasosha aseNingizimu abethunyelwe eCongo agcina esesala wodwa enkundleni, ashiywa yilawa abebezowalekelela ajoyina izitha.
USotswebhu we-ANC uMnuz Mdumiseni Ntuli, uthi balindele ukuthi uMengameli akhulume ngokuthuthukiswa komnotho nokwakhiwa kwamathuba emisebenzi.
