Uncategorised

IGAGASI FM LIMEMEZELA UKUBUYA KUKA-FELIX

UFELIX Hlophe uzobuyela emoyeni kwiGagasi FM ngoMsombuluko ngemuva kokumiswa emoyeni. ISITHOMBE: FACEBOOK.

NOMCEBO NGEMA

INJABULO kubathandi nabalandeli besilomo somsakazi uFelix Hlophe , ngesikhathi umsakazo iGagasi FM limemezela ukuthi uyabuya ngoMsombuluko ohlelweni lwasekuseni iThe Uprising.

UFelix wamiswa ngoZibandlela ngonyaka odlule yilo msakazo, ngemva kokuputshuka kwe-video eyaqoshwa ngesikhathi kunokungaboni ngaso linye nonkosikazi wakhe, nabasekhweni lakhe.

Lezi zindaba zokubuyela kwakhe emsebenzini zivezwe iwona lo msakazo.
“UFelix uyabuya emoyeni ngoMsombuluko kuhlelo lwasekuseni iThe Uprising, oluba njalo phakathi nezinsuku kusukela ngehora lesi-6:00 kuya kwelesi-9:00. Ukubuya emsebenzini kukaFelix kuza emva kwekhefu alinikwa lokuthi akwazi ukulungisa izindaba zakhe zangasese okanye zomndeni wakhe,” ngokusho kwesitatimende.

Lezi zindaba zijabulise abathandi nabalandeli bakhe uFelix, njengoba abanye bethi bebenenkinga ekuseni uma belalele lo msakazo, izingane zibuza ukuthi uphi umalume uFelix, omunye uthe usezobuyela ukulalela lesi siteshi somsakazo.