Uncategorised

SIGIXABEZWE NGOMACEKECEKE WENDLU ISALUKAZI

IMEYA kaMasipala waseBaqulusini uCllr Sifiso Mkhwanazi noNkk Eunice Madela.

IMEYA uCllr Mkhwanazi inika ugogo indlu ngokusemthethweni. IZITHOMBE: ABAQULUSI MUNICIPALITY

NOMCEBO NGEMA

ZEHLE zageleza izinyembezi zenjabulo kuNkk Eunice Madela oneminyaka engama-77 ubudala ngesikhathi iMeya kaMasipala waseBaqulusini uCllr Sifiso Mkhwanazi imnikeza indlu yakanokusho,
inefenisha, umpompi wamanzi osegcekeni. IMeya uMkhwanazi yakhele uNkk Madelela indlu ngoba wavuma ukuthi kwakhiwe ihholo lomphakathi waseMetzelfontein endaweni okuthiwa incike kweyakhe ugogo.

Lesi salukazi sidlulise amazwi okubonga kwiMeya ngesipho sendlu.
“Ngijabule kakhulu nomndeni wami. Ngiyabonga kakhulu ngangingazi ukuthi ngelinye ilanga ngiyoke ngilale endlini enhle kanjena, enefenisha entsha, enamanzi ngiwakhe egcekeni,” kusho uNkk uMadela.

IMeya uMkhwanazi ibiphelezelwa iPhini layo uCllr Sakhayedwa Siyaya, uSomlomo woMkhandlu uNksz Nonkululeko Ndlela na amalunga esigungu esiphezulu (EXCO).