UBHEKWE NGABOMVU UMCIMBI WAMATSHITSHI

UMBIKO :BUSISIWE ZONDI
EMLANDWENI weminyaka wosiko lokuhlolwa kwezintombi, kuyaqala ngqa ukuthi kube nomcimbi wamatshitshi osungulwe yiwo.
Lo mcimbi osematheni kulezinsuku ikakhulukazi kuTiktok obizwa ngokuthi
Amatshiwelele Festival, uzokuba eCurries Fountain ezingama 24 kuNhlaba.
Amatshiwelele asungulwe yitshitshi eseliyiqhikiza lezintombi, uZamambo Mkhize odume ngele Tshitshi leKhantry kuTiktok aphinde adume ngengoma yakhe ethi Amashiwelele.
Kuthulwa lo mcimbi esithangamini sabezindaba eMhlanga, kuningi okuvezwe ngabahleli bawo okungajwayelekile okuzokwenzeka.
UZamambo uthe hhay kabi, kodwa uyacela banikwe ithuba bezintombi ukuthi baqhakaze. “Sesiside isikhathi sihamba umhlanga nemicimbi yethu. Amatshiwelele Festival ngiwenze ukuveza ukuthi ngale kobutshitshi, kuningi esikwazi ukukwenza. Abadayisi, abahlobisi, oweta kanye nabazobe belekelela, kuzobe kungamatshitshi odwa. Asinikwe ithuba kesivele”, esho.
Okunye athe kuzokwenzeka uZamambo ukuthi izintombi zizofihla imizimba yazo futhi zingalifaki ichashaza elimhlophe esiphongweni. Lokhu akujwayelekile, kodwa uDkt Ngobese onguChwepheshe wezamaSiko uyiqinisekisile lenkulumo kaZamambo ethi yebo kunjalo, akuzohanjazwe kulo mcimbi. ” Asiwuvezi umzimba ngenxa yokubhekelela ukuphepha kwezintombi. Maningi amacala manje okudlwengulwa kwazo, ngakho laphaya njengoba kuyobe kugcwele yonke inhlobo yomuntu, oyisgebengu angeke abonakale ngoba angafaka nesudi kodwa acathamele ingane”, kusho yena.
UNkosi Gumede odume ngelika Papa G ongomunye wabahleli. Uthe okunye okungajwayelekile okuzokwenzeka, ukungabibikho kukatshwala. “Nginqabe abaxhasi abayi 6 botshwala ukuze kungashiwo kusasa ukuthi ngadayisa ngezingane. Ngehora lesihlanu, siyawuvala umcimbi ukuze kuhlukwanwe kusakhanya” esho.
Kwabazobe benandisa ama Qwabe Twins nawo angamatshitshi, nabanye.
Amathikithi atholakala eTicket Pro, asuka kuR100 kuya kuR1500 ngokuhluka kwezigaba.
