
INHLASI YETHEMBA KUQOKWA UMKHWANAZI KWALASE-KURHULENI

UKHOMISHANA wamaphoyisa KwaZulu Natal, uLt General Mkhwanazi, oqokelwe ukubhekana nelokubulawa kwabesifazane Ekurhuleni. .

INHLOKO yeCrime Intelligence uLt General Dumisani Khumalo, ezobambisana noGen Lt Nhlanhla Mkhwanazi. IZITHOMBE: FACEBOOK
AKHONA DLAMINI
INHLASI yethemba ekulweni ngokubulawa kwabesifazane eRurhuleni, kulandela ukuthi uNgqongqoshe
wamaPhoyisa osabambile kuZwelonke, uSolwazi Firoz Cachalia, enxuse uKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLt General Nhlanhla Mkhwanazi, ukuthi bangenelele ekuphenyeni amacala okubulawa kwabesifazane abayi-9 eKurhuleni.
USolwazi Cachalia ubize uMkhwanazi noLt General Dumisani Khumalo oyiNhloko ye-Crime Intelligence ukuthi bazophenya ngalawa macala.
“Njengoba ngibikile ekuqaleni kwaleli sonto ukuthi kunamalunga amasha okunguKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal uNhlanhla Mkhwanazi kanye noLt General Dumisani Khumalo, abazosilekelela ukuthi kubanjwe izigilamkhuba, ezithinteka emacaleni okubulala abesifazane abayi-9,” kubeka uSolwazi Cachalia.
Uqhube wathi sekungezwe nesibalo samaphoyisa azoqapha kule ndawo yaseKurhuleni.
“Sinxusa umphakathi wakule ndawo ukuba uqonde ukuthi ukuphepha kwawo bakubeke eqhulwini,” esho.
