Uncategorised

ISASASA KWETHULWA EYOMBUKISO WEZINCWADI

UMBIKO: ZETHU PHOSWA

UKUGQUGQUZELA kokubhala kwezincwadi ngolwimi lwabeNguni bekuyinto ehamba phambili, ngesikhathi Iziko Art lethula ngokusemthethweni i-Iziko Art International Book Fair, ezokuba mhla ziyi-5 kuya ku-11 kuMandulo, kulo nyaka.
Lo mcimbi obuyinxenye yokuhlonipha ukuba ngumu-Afrika nge-Africa Day, ogujwe ngesitayela ngokwethulwa kosuku lokubukisa ngokudla kwengqondo okuphakwa ngokucikoza ngosiba kudluliselwe ngamehlo ukufuqa ulwazi, ubuse-Albany Hotel, eThekwini.
UMntomuhle Mcambi ongumsunguli we-Iziko, okunguye ohlela lo mcimbi, uthi inhloso ukuveza amakhono ababhali nokuvumbulula amakhono entsheni okubalwa nesasezikoleni.
“Sikholelwa emandleni okuxoxa izindaba, ukuxhumanisa, ukufundisa nokunika amandla imiphakathi”, kusho uMcambi.
Uthi ukuqaliswa kwalo mkhankaso akuwona nje umcimbi; kuwukuzalwa komzabalazo wokubeka izincwadi namasiko enhliziyweni yentuthuko KwaZulu-Natal