KUZOKUBA UMLANDO UKUYOGXIVIZA EMAPHOYISENI E-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli ngesikhathi enikeza amakhosi izitifiketi. ISITHOMBE: ZANDILE SHANGE
NOMCEBO NGEMA
ANIKWE ngokusemthethweni izitifiketi nezigxivizo ezigunyaza aMakhosi aseNdlunkulu , ukuthi agxivizwe ngesigxivizo senkantolo yenkosi asemthethweni (certified copies).
Lokhu kwenzeke izolo e- Archie Gumede Conference Centre, eMayville eThekwini, ngesikhathi uNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli ngokubambisana noMnyango wezokuPhepha nokuXhumanisa uMphakathi KwaZulu-Natal benikeza amakhosi angama-288 izigxivizo nezinye izinsiza.
UNdunankulu uthi sekuzoba umlando ezindaweni zasemakhaya ukuthi uma ufuna ukugxiviza izinto ezibalulekile, ugibele uyedolobheni esiteshini samaphoyisa uyogxiviza, njengoba manje uzovele uye enkantolo yeNkosi uyogxiviza khona. “Amakhosi adlala indima enkulu emiphakathini, iwona alwela inkululeko ngesikhathi sobandlululo ingakaqali ipolitiki. Kunezikole eziningi KwaZulu-Natal ezakhiwa amakhosi futhi eziningi zazo ziqanjwe ngamagama awo amakhosi. Lo msebenzi uzothuthukisa amandla amakhosi uphinde ubuyise isithunzi sobukhosi ebantwini esizweni.
Lokhu esikwenza namhlanje kuzothula umthwalo emaphoyiseni ngoba asezokwazi ukugxila ekubopheni izigilamkhuba futhi athole isikhathi esanele sokuphenya amacala,” kusho uNdunankulu Ntuli.
Uqhube wathi uma enamakhosi uba namandla, akhuthazeka ukuthi enze umsebenzi wakhe ngokuzimisela, ngoba ubukhosi budala ngisho kunohulumeni.
Lo mcimbi ubuhanjelwe iPhini leMeya kuMkhandlu weTheku uCllr Zandile Myeni, amakhosi aqhamuka ezindaweni ezihlukahlukene KwaZulu-Natal kanye neziNduna.
