Uncategorised

ISIKWELETU SEMINYAKA SIFAKA ENGCUPHENI ISIKHULU SECHIEFS.

ALENGELA eweni amashezi kaBobby Motaung eqenjini leKaizer Chiefs, kulandela isikweletu sika-R4.3 million okuthiwa usikweleta inkampani eyamdayisela ibhilidi negaraji lokuthela uphethiloli eminyakeni engu-15 eyedlule.
ISITHOMBE: The South African

MALIBONGWE MAZIBUKO

UMPHATHI wezebhola eqenjini iKaizer Chiefs uBobby Motaung ubhekene nengxabano eqhubekayo nenkampani iPent Up Investments kusukela ngo-2011, lapho imsola ngokungakhokhi isikweletu naphezu kokuphila impilo eyibukhazikhazi. Lenkampani kuthiwa isiphikelele enkantolo ngenhloso yokuphoqa ukuthi kukhokhwe le mali.
Kubikwa ukuthi emaphepheni asenkantolo, lenkampani ifuna ukubamba amashezi kaMotaung kuleli qembu lebhola elidume kakhulu eNingizimu Afrika. Nokho, ngenyanga edlule uMotaung ufake amaphepha ephikisana nalesi sicelo, esho ukuthi inkampani isebenzisa kabi uhlelo lwezomthetho futhi ikhona eminye imizamo engasetshenziswa ukuqoqwa kwesikweletu.
UMotaung uphinde waphikisa indlela inkampani esebenza ngayo, ethi ayizange icacise ukuthi amashezi akhe kwiKaizer Holdings anele yini ukukhokha lesi sikweletu. Uphinde wachitha nesamba sika-R4.3 million, ethi kukhona izinkokhelo ezenziwe ngemuva kukaMasingana 2024 ezingazange zibaliwe.
Lo mbiko uqhuba uthi izinsolo zokuthi uMotaung unamabhilidi amaningi noma ungumqondisi ezinkampanini ezahlukene azinabo ubufakazi obuqinile obungasetshenziswa ukuqoqwa kwesikweletu. Okwamanje, lolu daba lusezithebeni zenkantolo, kanti izimpahla zakhe, okubalwa kuzo izimoto namabhilidi kuthiwa zisengcupheni.