Uncategorised

INJABULO KUQOKWA U-MISS UNIVERSE

MELISSA Nayimuli. ISITHOMBE:IOL

AKHONA DLAMINI

UMLINGISI ophinde abe umethuli wezinhlelo kumabonakude ozalelwe eButterworthi, e- Eastern Cape uMelissa Nayimuli, uhlwithe isicoco sikaMiss Universe South Africa 2025, kulindeleke ukuthi ayomela iNingizimu Afrika emqhudelwaneni kaMiss Universe ozoba se-Thailand ngenyanga kaLwezi kulo nyaka.
UMelissa uke wangenela ngonyaka ka-2020 kodwa kwangalunga, wabuya ngonyaka ka-2023 wangenela uMiss South Africa waze wafinyelela kuTop 5. UMelissa uthi uzogxila kakhulu ekwakheni ubunye kubantu base-Afrika nokwenza umehluko emphakathini.
“Leli akulona nje ithuba lami kuphela kodwa elamantombazane wonke aphokophele ekufezekiseni amaphupho awo nakuba abantu bebatshela ukuthi isikhathi asikafiki,” esho.