ISASESAKENI EKA-RIBEIRO NE-SUNDOWNS

MABUNHLE MLABA
YIZE sekusabalele ukuthi uLucas Ribeiro useyishiyile iMamelodi Sundowns njengoba evalelisile kubalandeli enkundleni yokuxhumana u-Instagram ngoMsombuluko, sekuvele ukuthi iqembu alikwazi lokho.
Ngokubika kwe-SABC Sport iSundowns siyicikile yilesi senzo salo mgadli waseBrazil obesevele eyithuthe wayifaka kwi-FIFA ekhala ngokuthi ayifuni ukumdayisela amaqembu amfuna uthuli.
Lo mdlali oneminyaka engu 26 ovotelwe njengeFootballer of the Season kwiBetway Premiership ngenxa yamagalelo akhe okwenze wafunwa amaqembu aseBrazil naseQatar.
Izolo kuvele ukuthi kuneqembu laseSpain elidlala kuSecond Division nalo eseliyithintile iSundowns ngayo kodwa leli qembu lisamile ekutheni lifuna imali ezoyigculisa. URibeiro usalelwe unyaka kwinkontileka yakhe okuchaza ukuthi lelo qembu elimfunayo komele lihlukane netshe lemali.
Kuthiwa iSundowns njengoba ingakakhiphi sitatimende nje, isacubungula izinyathelo ezozithatha ngalesi senzo salo mgadli oqede isizini edlule ngokushaya amagoli angu 21 emidlalweni engu 51.
