UMJAHO WAMAHHASHI I-HDJ IZOQHAKAMBISA ISITAYELA SAMAGUGU

UMBIKO: AKHONA DLAMINI
I-HOLLYWOODBETS Durban July izoqhakambisa okungamagugu aseNingizimu Afrika, ngaphansi kwendikimba ebizwa ngokuthi ‘Marvels of Mzansi’.
Lokhu kuvele ngesikhathi kuthulwa ngokusemthethweni indikimba yakulo nyaka eThekwini.
UDevin Heffer wezokuXhumana eHollywoodbets uthe indikimba kulo nyaka ibungaza amagugu aseNingizimu Afrika acebile, ukuhlukahluka kwamasiko izindawo ezimangalisayo nempumelelo emangalisayo yesizwe.
UHeffer uchaze lo mcimbi njengohlabahlose ngamasiko ehlanganisa imfashini, ukuzijabulisa, kanye nemijaho esezingeni lomhlaba.
AbeHollywoodbets baveze ukuthi lo mjaho wakulo nyaka, uhlose ukugqamisa ukunqoba kweNingizimu Afrika kwezemidlalo, njengeNdebe Yomhlaba Yebhola Lombhoxo ka-1995, ukunqoba kweBafana Bafana i-AFCON ka-1996, ukudlondlobala nokusimama kwezwe.
U-Stephen Marshall weGold Circle’s Events and Marketing Executive, ugcizelele ukuthi i-HDJ ayigcini nje ngokuba imijaho yamahhashi, kodwa ikhombisa amakhono namathalente ahlukahlukene wabantu baseNingizimu Afrika.
