KUKHONYE I-KZN KWIMIPHUMELA KA-MATRIC

ABANYE babafundi abagile ezibukwayo KwaZulu-Natal baphasa ngamalengiso. ISITHOMBE: KZNOTP
NOMCEBO NGEMA
KUZAMAZAME izwe lonke, nezinkundla zokuxhumana ngesikhathi kumenyezelwa ukuthi iKwaZulu-Natal iyona ekhonyayo kwimiphumela kamatikuletsheni izolo.
IKwaZulu-Natal iqwaqwade zonke izifundazwe emakhanda yathola u90.6% igudluza iFree State okuyiyona eyayikhonya ngemiphumela yonyaka ka-2024. Lezindaba zimenyezelwe uNgqongqoshe wezeMfundo kuzwelonke uNksz Siviwe Gwarube izolo, eRandburg eGoli.
Kuzokhumbuleka ukuthi KwaZulu-Natal bayi- 195 899 abafundi ababhale izivivinyo zabo zokuphela konyaka, amaphepha amakwa othisha abayi-7889, ebebeqaphe ukumakwa kwamaphepha beyi-6450 ezikhungweni zokumaka eziyi-6712.
UNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli uncoma umsebenzi omuhle owenziwe othisha kanjalo nokuzinikela kwabo ngaphansi kwezimo ezinzima. Uphinde wabonga abafundi kanye nabazali ngokuziphatha kahle kwabo nokubekezela abakubonisile. “Ngiyabonga kubona bonke oNgqongqoshe baKwaZulu-Natal ngokubambisana kanye nokuzibophezela kwabo ikakhulukazi ngesinqumo sokuhlinzeka uMnyango wezeMfundo ngosizo lwemali. Lokhu kungenela kudlale indima enkulu futhi ebalulekile kakhulu ekuqiniseni uhlelo lwezemfundo, nokuqinisekisa ukuthi uhlelo lokufunda nokufundisa aluphazamiseki,” kusho uNdunankulu uNtuli.
Uqhube wathi lesifundazwe sinyuse amasokisi ngo-1.1% kulemiphumela uma kuqhathaniswa neyangonyaka ka-2024 njengoba iKwaZulu-Natal yalala isibili ngo-89.9%. “Le miphumela iveza ngokusobala ukuthi uma sisebenza ngokubambisana njengohulumeni wobumbano, sabelana ngolwazi, imibono namacebo kukhulu okuhle okungenzeka kulesifundazwe. IKwaZulu-Natal izoqhubeka nokuzibophezela ibeke eqhulwini uhlelo lokufunda nokufundisa, itshale kwingqalasizinda yezikole siphinde seseke lezo zikole ezingenzanga kahle ukuze abafundi bathole imfundo esezingeni,” kuphetha uNdunankulu uNtuli.
