Uncategorised

I-NFP IZOKHULEKELA IZINGQINAMBA EZIBHEKENE NOMPHAKATHI KWAZULU-NATAL

NOMCEBO NGEMA

ISIGUNGU esiphezulu seqembu iNational Freedom Party (NFP) Kwazulu-Natal ngokubambisana nomphakathi, abezenkolo kanye nabezenhlalakahle bazoba nokhukhulela ngoqo womkhuleko kusasa e-Umfolozi TVET College, Esikhawini Campus, ngehora lesi-09:00 ekuseni.
Kuthiwa inhloso yalo mkhuleko ukuthi bakhulekele izinkinga nezingqinamba ezibhekene nemiphakathi eyakhele iKwaZulu-Natal.
“Lo mkhuleko uzoba wenziwa njengoba sekusondele izinsuku zokwethulwa komkhankaso ogujwa minyaka yonke eNingizimu Afrika, wezinsuku eziyi-16 zokulwa nokuhlukunyezwa kwezingane nabesifazane. Siyi-NFP sithi ngeke sisale ngaphandle ekushumayeleni ivangeli lokulwa nalesi sihlava.,” Ngokusho kwesitatimende.
I-NFP ithi inhloso yalo mkhuleko ukuhlanganisa abaholi, abezenkolo, abantu abasha nezinhlaka zokuphepha komphakathi, ukuze kuliwe nodlame olubhekiswe kwizingane nabesifazane, udlame oludalwa umuntu uma esephuze uphuzo oludakayo nezidakamizwa, ubugebengu nokunye okuningi.
Baveze ukuthi lo mkhuleko uvuleleke kuwona wonke umuntu.