Uncategorised

KUKHALWA NGOSAZIWAYO ABANGAHLOLWA ‘ABAVUMBUKA’ EMHLANGENI

ANELE ZUMA

IZINTOMBI-NTO ezingamatshitshi ahamba uMkhosi woMhlanga nalandela yonke imigomo yalo mkhosi, zikhala ngosaziwayo abasayizintombi abangahlolwa ndawo abavumbuka njengoqhiphu khowe eMkhosini woMhlanga.

Lokhu kukhala sakugxeka bekubhekiswe kosaziwayo nama- influencer , okubalwa uZamambo Mkhize osewazivulela elakhe iqembu i-Inkanyezi Yokusa,ama Qwabe Twins angosaziwayo kwezomculo, uNelisiwe Sibiya ongumculi nomlingisi, uGandaganda ocula umaskandi noSnono “Snow White” Zulu nabanye.

Mazichaza izintombi laba abadumile bamane bavumbuke ngezimoto, bengenele bangashiswa ilanga lapho kuthathwa khona umhlanga , lokhu kubonakala kungukwenzelela njengokuthi umhlanga ocoshwe yibo bekumele utholwe abayihambe yonke indlela, balala nasematendeni.

UZama Shezi (@MaSgananda) uthi angaphinda azihambele ngeyakhe inqola njengoba kulokhu uzihambele nomzali kwazise kade ayehamba ngezokuthutha ezihleliwe, “Sesihambile ngamabhasi, hhayi ngoba sizenza ngcono noma sinezinto esizisabayo. Siyahlolwa kumakhempu noma singeke siwahambe wonke. Uma kuwukuthi abazali bethu banamandla okuthi basiyise emhlangeni kanje, sizohamba kanje. Akukho lula ukulala ematendeni, silalile khona siyabazi ubuhlungu bokuya emhlangeni ubuye usunokutheleleka kwamaphaphu ngenxa yamakhaza, “ echaza.

Uthe ezinye izinggqinamba abebebhekana nazo ematendeni ukuntshontshelana kwezingane.
“Ubuntombi bubodwa abusizi kodwa kumele ube umuntu osondelene noNkulunkulu. Abusizi ubuntombi bamanje osebudume nosebuthwelwe ngeqoma okugcinwa iso kodwa isimilo sabo singagculisi kusweleke inhlonipho. Kuqalwa ngokuhlolwa , kodwa wena asikaze sikubone ememulweni nakumakhempu amakhulu. uTiktok osufikile wenza abantu belahlekelwe ukuhlonipha uMkhosi woMhlanga okungumthandazo wobungcweliswa ongeziwa abantu abangakhempanga bahlala ezindaweni zabo ezingenayo inhlanzeko engcwele. Sizongcola sonke ngenxa yalabo nontandakubukwa abenza noma yini. Abantu abaganga nabo bacabanga ukuthi sonke esihamba umhlanga sinjalo, ” kusho omunye wamatshitshi akhempayo.

U-Enhle Mhlongo osewuhambe isikhathi eside uMkhosi Womhlanga, nakuba esephumile, uthi lomkhuba uvula igebe eliveza ukuthi kukhona abacaphuna kusale nabangenakho okutheni okwenza abanemali bakuveze ngemvunulo, izimoto, nokunye okuningi, “Uma into ufuna ukuyihamba ngeqiniso lendlela kubalulekile ukuthi ugcine izinkonzo eziningi zakhona. Umhlanga unezinkonzo eziningi ngaphambi kokuthi uyokwethulwa kwi Silo. Okukhulu ukukhempa nokuhlolwa kwezintombi kuleya ndawo usuke uzophuza mthombo munye nodadewenu. Ukuhamba ngamabhasi ahleliwe kugcinwa nama rekhodi omasipala okuphepha,”kusho u-Enhle.