Uncategorised

UNDUNANKULU UTHI NGEKE ANCETHEZE NGABOKUFIKA ABANGENAZO IZIMVUMO

smart

UMBIKO: ZETHU PHOSWA

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal ubehola umkhankaso wokukhuculula konke ukudla okubolile kwizipaza nokubheka ukuthi abanikazi bezipaza ngabe banazo izimvumo zokuba kuleli.
UNdunankulu uNtuli ugasele kulezi zitolo kungazelele ehamba nezinhlaka zonke ezithintekayo kulokhu.
UNdunankulu uMnuz Thamsanqa Ntuli ukwenze lokhu ngaphambi kokuthi aye emcimbini wokugubha usuku lokubuyisana, eShowe.
“Abantu bokufika abangenazo izincwadi ezibagunyaza ukuthi babe kuleli, baqashiwe bayasebenza thina esingeke sincetheze ngakho. Le misebenzi abakuyo kufanele ukuthi kuqashwe abakuleli. Nezipaza kufanele zibuyele kwabakuleli. Akekho okufanele abe nesipaza engenazo izincwadi,” kubeka uNtuli.
Uthi uyacela ukuthi abanezincwadi ezibagunyazayo baphathwe kahle.