USWEET GULUVA UCHITHA EYOKUNGAYINAKI INGANE

USWEET Guluva no-Ashley Ogle uthando lwabo olwaluvutha amalangabi kwi-Big Brother Mzansi. ISITHOMBE: FACEBOOK
NOMCEBO NGEMA
UPHUMELE obala uSweet Guluva (Akhonamathemba Mbele-Zwane) owanqoba kwi-Big Brother Mzansi ngonyaka odlule, ecacisa ngamahlebezi asabalele ezinkundleni zokuxhumana, athi akayinakile ingane ka-Ashley Ogle, uthando lwabo olwaluvutha amalangabi kulolu hlelo.
USweet Guluva ubhale isitatimende ewaphika lawa amahlebezi, wathi akabalekile futhi selokhu kwaqala unyaka ka-2025 ubelokhu ezama ukuhlangana nengane nokuba yingxenye yayo, wacela ukuthi imindeni yabo ihlangane ixoxe ngokuhambisana namasiko esiZulu.
Kuthiwa u-Ashley akakavumi ukuvumela uSweet Guluva nomndeni wakhe ukuthi bahlangane noma kwenziwe ulibofuzo (DNA).
USweet Guluva uthi ngeke aqinisekise noma aphike ukuthi ungubaba ngaphandle kokwenziwa kolibofuzo, futhi usecele abameli bakhe ukuthi bangenelele ngokusemthethweni bafake isicelo sokuthi avunyelwe ukubona ingane nokuthi kwenziwe i-DNA.
