U-CHRISTI UGWEVE NESICOCO KWABESIFAZANE KWI-DUSI

ISITHOMBE: SPHAMANDLA MBHELE
UMBIKO: ZETHU PHOSWA
UKUJABULELE kakhulu uChristi Mckenzie ukufukamela isicoco okwesibili, kwabesifazane kumjaho weDusi Marathon.
UChristi ungomunye wabagwedli abafukamelwa uhlelo oluxhaswe, uMnyango wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko olubizwa nge-Elite Athletes Development Programme.
Lolu hlelo kuthiwa ngelokuthuthukisa abagwedli nabadlali bemidlalo emingi.
UNgqongqoshe wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko uMnuz Mntomuhle Khawula uthi inhloso yabo ukuthi kugqugquzelwe abantu bangene kulo mdlalo.
UNgqongqoshe Khawula ube esehalalisela abagwedli abadle umhlanganiso.
Abanye abakulolu hlelo lo mnyango kubalwa uMsawenkosi Mtolo ophume isihlanu noSandile Mtolo olale isithupha.
