KALUBANGA NAZIHIBE UKHETHO LWAKA-SANTACO

ABAHOLI abasha abaqokiwe bemboni yezokuthutha iSantaco KWAZULU-NATALKwaZulu-Natal .IZITHOMBE: SANTACO
NOMCEBO NGEMA
LUBE impumelelo ukhetho obelubhekwe ngabomvu lokukhetha ubuholi obusha besigungu esiphezulu esifundazweni (Provincial Executive Committee) embonini yezokuthutha iSantaco.
Lolu khetho lube izinsuku ezimbili njengoba belubanjelwe kwelinye lamahhotela agudle ulwandle eThekwini.
Ukhetho belwenganyelwe abakwa- Independent Electoral Commission (IEC), ukuqinisekisa ukuthi konke kuhamba kahle njengoba bekukhethwa ubuholi kwizifunda ezinga-16.
UMnu Sfiso Shangase onguMphathi wehhovisi KwaZulu-Natal, uthi beyimboni yezokuthutha yaKwaZulu-Natal besekufike isikhathi sokuthi bakhethe ubuholi obusha ngemuva kweminyaka eyi-4, ukuze kushintshwe ubuholi.
Uveze ukuthi bekhona bonke abaholi ebebesohlwini lokhetho lokho kusho ukuthi zonke izifunda zimelelekile.
“Lolu khetho lwenganyelwe ubuholi bethu obuqhamuka kuzwelonke. Ibona obuqikelelayo ukuthi lolu khetho luhamba ngendlela efanele. Okumnandi ukuthi sinenhlangano ezimele yokhetho eNingizimu Afrika i-IEC, umsebenzi wabo njengoba belapha ukuqinisekisa ukuthi ukhetho luhamba ngendlela efanele futhi kube nobulungiswa,” kuchaza uShangase.
UShuku uhalalilisele bonke abaphumelele wathi ufisa ukuthi babe abaholi abaqotho, abazobhekelela izidingo zemboni baphinde babe nembono ngesimo sokubuka ukuthi imboni bengayithatha bayibeke kuliphi izinga.
Uthi kubalulekile ukuthi babheke izinselelo abanazo baqhamuke namava okuthi balekeleleke ukuze kusetshenzwe kuyiwe phambili.
“Sifisa abaholi bethu ukuthi basihlanganise sibe imbumba ikakhulukazi njengoba seluphelile ukhetho, kube nomoya wokuzwana kungabi khona ozobandlulula labo abangamvotelanga ngokwazi ukuthi bahamba nohlangothi oluthile,” kuphetha uShangase.
Imiphumela yokhetho ihambe kanje: uMnu B. Zondi usazoqhubeka abe nguSihlalo, iPhini lakhe uMnu SMC Mthethwa, uNobhala uMnu Z. A Mthethwa, iPhini likaNobhala uMnuz J Manqele, uMgcinimafa uMnu S Ngcobo, uPRO uMnu R.C Kenny ebese kuba uMnu Ngobese oyi-Training Officer.
Lolu khetho beluhanjelwe nawuMengameli weSantaco uMnu Motlhabane Abnar Tsebe.

LAPHA kungesikhathi kuqhubeka ukhetho lokukhetha ubuholi obusha embonini. Izithombe: SANTACO
