UNTULI UKHUTHAZE UBUMBANO UKUZE KUKHULE UMNOTHO WASE-KZN

KUSUKELA ngakwesokunxele uNgqongqoshe uMnuz Musa Zondi, uNdunankulu uMnuz Thamsanqa Ntuli noNgqongqoshe uMnuz Mntomuhle Khawula beyingxenye ye-Dundee July.

UNDUNANKULU uMnuz Thamsanqa Ntuli eklomelisa umsiki wengqephu olale isibili. IZITHOMBE: GCINA NDWALANE
NOMCEBO NGEMA
UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli, uthe umjaho wamahhashi iDundee July iklama indima enkulu ekuthuthukiseni umnotho wendawo, ezokuvakasha nezokuthutha. Ukusho lokhu izolo, ngesikhathi ethula kumjaho wamahhashi iDundee July, eqeda iminyaka engama-21 yasungulwa, eNdumeni Horseracing Track.
UNdunankulu uthe abanikazi bamahhashi nabagibeli bamahhashi, baqhakambise indawo abayakhele ukuze abavakashi bayivakashele. “Lo mjaho ukhula unyaka nonyaka, lokho kusho ukuthi ikusasa lale ndawo lihle kakhulu. Okubalulekile ukuthi abantu bendawo baziphathe kahle ukuze izivakashi zazi ukuthi ziphephile. Kuyangijabulisa ukubona abantu abasha abayikusasa lalesi sifundazwe beyingxenye yalomcimbi. Asibambisane sonke sithande isifundazwe sethu, sakhe ikusasa elingcono,” kusho uNdunankulu uNtuli.
Uthe bayalwa nenkohlakalo, ubugebengu ukuze kuthuthukiswe umnotho, badale amathuba emisebenzi. “Kufanele sibambisane ukwenza ngcono ezemfundo, ukwehlisa ubugebengu, ukwehla kwesibalo sabantu abangasebenzi sisuka ku-32%, saya ku-31%. Lolusuku lubuyisa ithemba nekusasa lesifundazwe. Asizile ukuzojabula kuphela kodwa sizothuthukisa umnotho siphinde siqhakambisa indawo yaseNdumeni,” kuphetha uNdunankulu uNtuli.
