UDILIKAJELE KOWESIFAZANE OWABULALA INDODAKAZI YAKHE

INKANTOLO igwebe owesifazane udilikajele ngecala lokubulala indodakazi yakhe.
NOMCEBO NGEMA
INKANTOLO kaMantshi eNtuzuma igixabeze owesifazane oneminyaka enga-43 ubudala ngodilikajele, ngecala lokubulala indodakazi yakhe eyayineminyaka eyi-14 ubudala, izolo.
Lesi sigameko esashiya abantu bekhungathekile senzeka esigcemeni sakwa-D KwaMashu, ngoNtulikazi ngonyaka odlule.
Ubufakazi obuqoqwe inkantolo buveze ukuthi ngosuku lwesigameko, ummangalelwa watshela amaphoyisa ukuthi indodakazi yakhe ikhale ngekhanda yaphuza amaphilisi okudambisa izinhlungu ngaphambi kokulala ngayizolo, wathi ngesikhathi eyoyivusa ngakusasa ukuze iye esikoleni, wayithola isishonile.
Okwafika kwaxaka amaphoyisa ukuthi umufi wayelele phezu kwethantala yegazi, ummangalelwa washintsha isitori watshela amaphoyisa ukuthi indodakazi yakhe yawa embhedeni yalimala.
Kuthiwa ngesikhathi kuhlolwa isidumbu udokotela wathola ukuthi ukulimala kwendodakazi akuhambisani nokushiwo ngunina wayo, amaphoyisa aqala aphosa imibuzo omakhelwane abaveza ukuthi bezwa umsindo indodakazi ikhala, ishweleza kunina ukuthi akangayibulali.
Uphenyo olutholwe inkantolo luphinde lwaveza ukuthi ummangalelwa ubenoxhaxha lwemishwalense yomasingcwabisana afake kuyona undodakazi wakhe.
Kutholakele ukuthi ngaphambi kwesigameko ummangalelwa washaya ucingo elubhekise enkampanini yomshwalense ebuza ukuthi angasifaka kanjani isicelo futhi efisa ukwazi isamba semali azoyithola.
